Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.
!doctype>
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe
25.11.19
UNkulunkulu Uhlose Ukubhubhisa Izwe NgoZamcolo, Uyala UNowa Ukuba Akhe Umkhumbi
23.11.19
Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo
Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo
(UGenesise 9:1-6) Futhi uNkulunkulu wambusisa uNowa kanye namadodana akhe, futhi wathi kubo, Zalani, bese nanda, futhi nigcwale umhlaba. Futhi uvalo nokwesaba kwenu kuzakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; kunikezelwe ezandleni zenu.
17.11.19
II.UNkulunkulu Udala U-Eva
15.11.19
III.INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.
3.11.19
Ngosuku Lwesithupha, UMdali Uyakhuluma Futhi Uhlobo Ngalunye Lwezidalwa Eziphilayo Engqondweni Yakhe, Luyavela, Olunye Emva Kolunye
1.11.19
Ngaphansi Kwegunya lo Mdali, Zonke Izinto Ziphelelisiwe
24.10.19
30. Kungani uNkulunkulu engasindisi labo abanomsebenzi wemimoya emibi kubo noma labo ababanjwe amadimoni na?
Labo abebekade benesikhathi bephethwe yimimoya emibi (kusukela ekuzalweni) bonke bazokwambulwa manje. Ngizokuxosha! Usakukhumbula engikushilo? Mina—Nkulunkulu ongcwele futhi ongenakungcola—angihlali ethempelini elibi nelingcolile. Labo abebengenwe imimoya emibi bayazazela, futhi angidingi kucacisa. Angikumisanga ngaphambili! UnguSathane omdala, nokho ufuna ukungena embusweni Wami! Ngeke nhlobo!
22.10.19
26. Umuntu angawuthola kanjani umsebenzi kaMoya oNgcwele?
Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi. Uma umuntu engenayo inhliziyo elalelayo, ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni.
20.10.19
25. Uyini umsebenzi kaMoya oNgcwele? Ubonakala kanjani umsebenzi kaMoya Ongcwele?
Umsebenzi kaMoya oNgcwele uwuhlobo lomhlahlandlela ohamba phambili nokukhanyiselwa okuhle. Awuvumeli abantu ukuba babe ngovumazonke. Ubanikeza induduzo, ubanikeza ukholo kanye namandla futhi ubenza bafune ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayakwazi ukungena ngokucacile; ababona ovumazonke noma abaphoqiwe, kodwa bakubeka ezandleni zabo ukwenza umsebenzi.
18.10.19
24. Uyini umehluko phakathi kwenceku enhle nenceku embi?
Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke.
16.10.19
23. Uyini umehluko phakathi kukakolweni nokhula?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Njengoba ngishilo, uSathane uthumele labo abangenzela umsebenzi ukuze baphazamise ukuphatha Kwami; laba benzi bomsebenzi bawukhula, nokho ukolo awubhekisile emadodaneni angamazibulo, kodwa kunalokho kuwo wonke amadodana nabantu abangewona amadodana angamazibulo.
14.10.19
22. Kuyini ukulandela umuntu?
Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele.
12.10.19
17. Yini uKristu wamanga? Ubonakala kanjani uKristu wamanga?
Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.
6.10.19
2. Kungani uNkulunkulu kufanele ahlulele futhi asole abantu?
Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.
30.9.19
21. Kuyini ukulandela uNkulunkulu?
Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele.
26.9.19
Isahluko 52
24.9.19
12. Kusho ukuthini "ukushiya konke bese ulandela uNkulunkulu"?
Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe.
16.9.19
6. Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?
Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu.
14.9.19
5. Umuntu angabakha kanjani ubuhlobo beqiniso noNkulunkulu?
Abantu bakholwa kuNkulunkulu, bathanda uNkulunkulu, futhi banelisa uNkulunkulu ngokuthinta uMoya kaNkulunkulu ngenhliziyo yabo, kanjalo bazuza ukwaneliseka Kwakhe; futhi lapho bedingida amazwi kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babe sebekhuthazwa uMoya kaNkulunkulu.
10.9.19
7. Umehluko Phakathi Kwezenzo Zangaphandle Ezinhle Nezinguquko Esimweni.
Iyini inguquko yesimo? Kufanele ube umthandi weqiniso, wamukele ukwahlulela nokusola kwezwi likaNkulunkulu ngenkathi uzwa umsebenzi wakhe, bese uzwa zonke izinhlobo zokuhlupheka nokucwengwa, okuhlanzwa ngakho ubuthi bobusathane obuphakathi kuwe.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)