Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze. Waphinda futhi wathumela kubo enye inceku; futhi yona bayikhanda ngamatshe, futhi bayilimaza ekhanda, futhi bayithuka bayixosha beyiphathe ngokuyihlazo. Waphinda futhi wathumela enye; futhi yona bayibulala, nezinye eziningi; ezinye bazishaya, futhi ezinye bazibulala. Khona-ke kwase kusele indodana eyodwa, indodana yakhe ethandekayo, nayo wayithumela kubo ekugcineni, ethi, Bayakuyihlonipha indodana yami. Kodwa labo balimi bakhuluma bodwa bathi, Lo uyindlalifa; wozani, siyibulale, futhi ifa libe ngelethu. Base beyibamba, futhi bayibulala, futhi bayiphonsa ngaphandle kwesivini. Khona-ke uzokwenzani umninisivini na? uzokuza futhi abhubhise abalimi, bese esinika abanye isivini” (UMarku 12:1-9).