Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umusa kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umusa kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

30.10.19

Ukushushiswa Nobunzima Kwangisiza Ngakhula

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu

UBaituo Edolobheni laseDezhou, esiFundazweni saseShandong

Ngaphambilini, ngangazi kuphela ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakusetshenziswa kuncike emaqhingeni kaSathane, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ohlakaniphile nokuthi uSathane uyolokhu eyisitha esinqotshiwe kulolu daba, kodwa ngangingenakho ukuqonda noma ulwazi lwakho ngokusekelwe kwengihlangabezane nakho. Kamuva, kwaba sendaweni eyayihlelwe nguNkulunkulu kuphela lapho ngathola khona ukuhlangabezana nalolu hlangothi lweqiniso.

28.10.19

Noma Yini uNkulunkulu Ayishoyo Yisahlulelo Somuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,mkristu

UXunqiu edolobheni laseNanyang, esiFundazweni saseHenan 

Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlulela futhi esola umuntu kuphela lapho esambule inkohlakalo yomuntu engaphakathi noma eveze amazwi anzima ahlulele isiphetho somuntu. Kwaba kamuva lapho isehlakalo esithile sangiholela ekuboneni ukuthi ngisho amazwi amnene kaNkulunkulu ayeyisahlulelo nokusola Kwakhe. Ngabona ukuthi izwi nezwi elishiwo nguNkulunkulu laliyisahlulelo kumuntu.

8.10.19

1. Kuyini Ukwahlulela?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.

6.10.19

2. Kungani uNkulunkulu kufanele ahlulele futhi asole abantu?

UNkulunkulu USomandla,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.

4.10.19

Isizathu Sangempela Sokuba Buthuntu Emsebenzini

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,UMoya oNgcwele

UXinyi    edolobheni laseXi’an, esiFundazweni saseShaanxi

Ekuvakasheleni kwami amabandla kwakamuva, ngizwe kaningi abaholi nabasebenzi bethi abanye abantu, emva kokuhlanganyela nami, baba ngabalandulayo, ababuthakathaka nabaphelelwe ugqozi lokuqhubeka nokufuna. Abanye babona sengathi kuyinselele engaphezu kwamandla ukukholwa kuNkulunkulu futhi bangamqondi kahle uNkulunkulu.

28.9.19

Ukubaleka “Emphandwini Wengwe”

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,UNkulunkulu USomandla

uXiaoyou eChina

Igama lami nguXiaoyou futhi kulo nyaka, ngineminyaka engama-26 ubudala. Ekuqaleni, ngangingumKhatholika. Ngesikhathi ngisemncane, ngangihamba nomama siye eMiseni, ngicula imiBhalo, ngivuma izono futhi ngamukela isidlo. Umama wayenentshisekelo enkulu okholweni lwakhe. Wayevame ukunikela ngokudla nezingubo kanye nemali ebandleni. Abaholi bebandla namasistela babemthanda kakhulu umama. Lapho bembona, babembingelela ngokumamatheka futhi babonise ukumkhathalela okukhulu.

20.9.19

Kubaluleke Kakhulu Ukulalela Umsebenzi KaMoya ONgcwele!

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,Unyazi LwaseMpumalanga

 UXiaowei Edolobheni laseShanghai 

Esikhathi esithile esadlula, yize noma njalo ngangithola intshisekelo kanye nomhlomulo lapho udade engangisebenza naye abelana nami ukukhanyiseleka akutholile ngenkathi edla futhi ephuza izwi likaNkulunkulu, ngangiphinde futhi njalo ngibe nomuzwa wokuthi uyabukisa. Ngangiye ngizicabangele ngithi, “Uma ngimphendula manje ave ngizobe ngivumelana naye kukho konke? Ngaleyo ndlela, ngeke na ngibukeke njengomncinyane kunaye?”

18.9.19

Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

UYixin    Edolobheni LaseShijiazhuang,  Esifundazweni SaseHebei

Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.

31.8.19

Phakathi Nezinhlekelele Mina Ngabona Isimo Sokulunga SikaNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,umusa kaNkulunkulu

 ULi Jing, eBeijing 

 KuNcwaba 7, 2012 

Ngalolo suku, laqala ukuna ekuseni. Ngaya emhlanganweni emzini womunye umzalwane ongumfowethu, ngenkathi imvula iya ngokwenyukela kakhulu. Kuthe kushaya intambama laliyithela phansi kungathi ivela emazulwini ngqo. Ngesikhathi siqeda umhlangano wethu, imvula yayisingene egcekeni lalo mfowethu, kodwa ngoba mina ngangikhathazeke ngomndeni wami, ngaphikelela ekhaya.

29.8.19

66. Ubambiswano Lweqiniso

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,Unyazi LwaseMpumalanga

UFang Li    edolobheni lase-Anyang, esiFundazweni saseHenan

Kamuva nje ngangicabanga ukuthi ngangingene ebudlelwaneni obunokubambisana. Mina nomlingani engangisebenza naye sasikwazi ukukhuluma nganoma yini, kwesinye isikhathi ngangiye ngimcele ukuba angitshele izinto engangisasilele kuzona, futhi sasingakaze sixabane, ngakho ngangicabanga ukuthi sasifinyelele ebudlelwaneni obunokuzwana. Kodwa njengoba amaqiniso ayevezile, ubudlelwane obunobambiswano kwakungeyona le nto engangiyicabanga.

9.8.19

Ngafunda Ukusebenza Nabanye

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,

ULiu Heng  Esifundazweni SaseJiangxi

Ngomusa nangokuphakanyiswa uNkulunkulu, ngathatha umthwalo wokuba ngumholi webandla. Ngaleso sikhathi, nganginomdlandla omkhulu futhi ngenza isinqumo phambi kukaNkulunkulu: Noma ngihlangabezana nani, ngeke ngishiye imithwalo yami. Ngizosebenzisana kahle nomunye udade futhi ngizoba umuntu ofuna ukulandela iqiniso. Kodwa ngangimane ngizimisele, futhi ngangingayazi indlela yokungena ekubeni ngokoqobo ebuhlotsheni obunokusebenza obunokuzwana.

20.7.19

Ukuzazi Wena Ngempela Kuphela Ngokuqonda Iqiniso

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu Ubufakazi

UWenwen Edolobheni LaseChangchun, Esifundazweni SaseJilin

Ngokombono wami, njalo ngangicabanga ukuthi uma ukwenza izinto kwangaphandle kusabonakala kufanele lapho abantu bengaboni kukhohlakala, khona-ke kwakubhekwa njengokuguquka. Ngakho-ke, nganakisisa kakhulu ukwenza kwangaphandle kukho konke engangikwenza.

3.4.19

49. Ubuso Beqiniso Bomuntu Obizwa Ngokuthi Ulungile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,Unyazi Lwasempumalanga

Ukemu  Edolobheni laseZhumadian, Esifundazweni saseHenan

Engqondweni yami, bengilokhu ngizibona njengomuntu onobuntu. Ngike ngacabanga ngalokhu ngoba, omakhelwane bami babeke bangincome phambi kwabazali bami ngokuba umuntu okhaliphile futhi okhombisa ukunakekela umndeni; bathi ngiyintandokazi emehlweni abazali bami.

29.9.18

Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo

  Izikhathi zokugcina,umusa kaNkulunkulu

Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli. 

17.9.18

Isimo sikaNkulunkulu Siwukulunga futhi ngaPhezu Kwakho Konke Siluthando

UFang Xin, eBeijing 
15 KuNcwaba, 2012 
Kusukela ngowezi-2007, ngenkathi ngemukela umsebenzi wezinsuku zokugcina kaNkulunkulu uSomandla, noma ngangibonakala ebusweni ngimatasa ukufeza imisebenzi yami, angimnikanga uNkulunkulu inhliziyo yami, futhi ngangivame ukuzizwa ngibophekile okwakuze kufike ezingeni lokufuthelana ngenxa yezinkinga zomndeni wami ezingabalulekile.

16.9.18

3. Ngenxa Yokwenza Umsebenzi Wami, Mina Nganikezwa Insindiso Enkulu kaNkulunkulu

Impilo yeBandla,funa iqiniso

UHong Wei,EBeijing
Ncwaba 15,2012
KuNtulikazi 21, 2012, imvula enamandla yaqala ukuna. Ngalolo suku kwenzeka nje ukuthi nganginomsebenzi okwakufanele ngiwenze, ngakho-ke emva komhlangano wethu ngabona ukuthi imvula yase yehlile, ngashesha ngaya ekhaya ngebhayisikili lami. 

4 Ngaphandle Kwensindiso KaNkulunkulu, Ngabe Angikho Lapha Namhlanje

 mkristu
         UZhang Jin, EBeijing

Ncwaba 16, 2012
Ngiwudade omdala onemilenze emibili enenkinga. Ngisho noma isimo sezulu sisihle phandle, nginenkinga yokuhamba, kodwa lapho amanzi kazamcolo esondela ukungigwinya, uNkulunkulu wangivumela ngokumangalisayo ukuthi ngiphunyuke engozini.

14.9.18

51. Ngabona Insindiso KaNkulunkulu

ukuphila kwaphakade

UCheng Hao    Edolobheni LaseYongzhou, Esifundazweni SaseHunan
Ngomusa kaNkulunkulu, umkami kanye nami sakhushulelwa esikhundleni sokuba ngabesibili eqenjini levangeli ukuze senze imisebenzi yethu. Esikhathi esifushane esedlule, umkami wakhushulelwa esikhundleni sokuba umqondisi weqembu, ngesikhathi mina, ngokomphumela wokuzithwala nokuziphatha kwami okungekuhle ngalahlekelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele ngase ngiphindiselwa ekhaya ukuze ngiyozindla ngezenzo zami. 

11.9.18

2. Yini ukuhlwithwa kwangempela?

Unyazi Lwasempumalanga,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).

4. Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

  Izikhathi zokugcina  insindiso,IBandla likaNkulunkulu uSomandla

      Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso "ngokubonakala Kwezwi enyameni," futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho.