Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWADI. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWADI. Bonisa konke okuthunyelwe

15.10.18

3 Umuntu kufanele abone umehluko phakathi kwendlela yokuphenduka Ngenkathi Yomusa kanye nendlela yokuphila okungunaphakade ezinsukwini zokugcina.

Amazwi KaNkulunkulu USomandla,IZINCWADI

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:47-48).

14.10.18

2. Umuntu kufanele aqonde ukuthi lonke iqiniso elichazwe nguNkulunkulu ezinsukwini zokugcina yindlela yokuphila okungunaphakade

Amazwi kaNkulunkulu,IZINCWADI,Iqiniso

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo” (Johane 16:12-13).

1. Umuntu kufanele aqonde ukuthi umyalezo osatshalaliswa yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kwakuyindlela yokuphenduka kuphela

Nkosi Jesu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Phendukani: ngokuba umbuso wezulu usondele” (Mathewu 4:17).
Ngoba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano esisha, elithululwa ngenxa yabaningi ngokuthethelelwa kwezono” (UMathewu 26:28).

30.9.18

Yini Oyaziyo Ngokukholwa?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,Umthandazo

Kumuntu kukhona izwi lokukholwa elingenasiqiniseko, nokho umuntu akazi ukuthi yini eyakha ukukholwa, ingasaphathwa eyokuthi kungani enokholo. Umuntu uqonda okuyingcosana futhi umuntu ngokwakhe akanalwazi; umane abe nokukholwa Kimi ngokungacabangi nangokungabi nalwazi. 

30. Ngesikhathi uJesu enza umsebenzi Wakhe, waphulukisa abagulayo, wakhipha amadimoni, futhi wenza izibonakaliso nezimangaliso. Kungani uNkulunkulu uSomandla engenzi izibonakaliso nezimangaliso emsebenzini Wakhe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje.

21.9.18

Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo

Unyazi LwaseMpumalanga,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla

Umuntu uyaqonda kancane ngomsebenzi wanamuhla nomsebenzi wangesikhathi esizayo, kodwa akaqondi ekupheleni lapho isintu sizongena khona. Njengesidalwa umuntu kufanele enze umsebenzi wesidalwa: Umuntu kufanele alandele uNkulunkulu kunoma yini ayenzayo; futhi kufanele wenze nganoma iyiphi indlela eNgikutshela ngayo.

UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni

umusa kaNkulunkulu,  Izikhathi zokugcina

Ekuqaleni, uNkulunkulu wayephumule. Ngaleso sikhathi kwakungekho bantu noma kungekho nanoma yini enye emhlabeni, futhi awukho umsebenzi uNkulunkulu ayesewenzile. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa wawuqala ngesikhathi kuba khona abantu nangesikhathi abantu bonakaliswa.

20.9.18

Izexwayiso Ezintathu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Njengekholwa likaNkulunkulu, akumele wethembeke kunoma ubani omunye ngaphandle Kwakhe kukho konke futhi kumele ukwazi ukuhambisana nentando yakhe kuzo zonke izinto. Noma kunjalo, nakuba wonke umuntu eyiqonda le mfundiso, la maqiniso asobala futhi avamile, ngokumuntu, awabonakali ngokugcwele kuye, ngenxa yobunzima bakhe obehlukene, njengokungazi, ukungabi nangqondo nenkohlakalo.

15.9.18

Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwenu futhi, ngempela, futhi ngakhuluma amazwi amaningi. Kepha ngizwa ukuthi amazwi nomsebenzi Wami awukayifezi ngokuphelele injongo yomsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngokuba, ngezinsuku zokugcina, umsebenzi Wami awungenxa yomuntu noma abantu abathile, kodwa owokuveza isimo Sami semvelo.

11.9.18

2. Yini ukuhlwithwa kwangempela?

Unyazi Lwasempumalanga,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).

4. Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

  Izikhathi zokugcina  insindiso,IBandla likaNkulunkulu uSomandla

      Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso "ngokubonakala Kwezwi enyameni," futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho. 

10.9.18

3. Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

uJesu,  Izikhathi zokugcina uKristu,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. 

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

  Izikhathi zokugcina,Iqiniso

(1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. 

8.9.18

6. Kungani kuthiwa isintu esikhohlakele sidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu abe yinyama?

Nkosi Jesu,umusa kaNkulunkulu

Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu

Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama

UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. 

5. Yini umehluko obalulekile phakathi kukaNkulunkulu esimweni somuntu kanye nalabo bantu abasetshenziswa uNkulunkulu?

Nkosi Jesu,Isiphambano

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Mina impela nginibhapathiza ngamanzi kube ngukuphenduka. kepha lowo oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe: yena uzonibhapathiza ngoMoya oNgcwele, nangomlilo” (Math 3:11).

4. Kungani uNkulunkulu engasebenzisi umuntu ukuba enze umsebenzi wokwahlulela ezinsukwini zokugcina kodwa esikhundleni salokho kufanele athathe isimo somuntu bese ekwenza Yena?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi Lwasempumalanga,uNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Ubaba akahluleli muntu, kodwa unikeze konke ukwahlulela eNdodaneni yomuntu.” (Johane 5:22)
Futhi umnikeze amandla nawokwahlulela, ngoba uyindodana yomuntu.”(Johane 5:27)

7.9.18

2. Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?


IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Nkosi Jesu

 Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

 “Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo Yakhe, inkazimulo enjengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

3. Yini umehluko phakathi komsebeni kaNkulunkulu esenyameni kanye nomsebenzi kaMoya?

uJesu, insindiso,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Wayesethi, Ngiyanicela, ngikhombise inkazimulo yakho. Wathi, … Awunakubona ubuso bami: ngokuba akukho muntu ongangibona, futhi aphile” (Eksodusi 33:18-20).
“Futhi iNKOSI yehlela phezu kwentaba iSinayi, esiqongweni sentaba: futhi iNKOSI yambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; wase uMose ekhuphuka-ke. Futhi iNKOSI yathi kuMose, Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone iNKOSI, bese kufa abaningi kubo” (Eksodusi 19:20-21).

6.9.18

Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi Lwasempumalanga
  
Ngokubuka ukwenza kanye nezenzo zenu ezimpilweni zenu, nonke nidinga ingxenye yamazwi nsuku zonke yokunihlinzeka nokunivuselela kabusha, ngoba nintula kakhulu, futhi ulwazi nekhono lenu lokwamukela lincane kakhulu. Ezimpilweni zenu zansuku zonke, niphila esimweni nasendaweni engenalo iqiniso nokuqonda okuyiko. Nintula isisekelo samandla okuba khona futhi aninaso isisekelo sokwazi Mina noma iqiniso.

Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso

UNkulunkulu USomandla,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

1. Umuntu akumele azenze mkhulu, noma aziphakamise. Kumele akhonze futhi aphakamise uNkulunkulu.

2. Kumele wenze noma yini eyinzuzo emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ungenzi lutho oluzolimaza izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Kumele uvikele igama likaNkulunkulu, ubufakazi bukaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu.