Ukufunda into enjengalena akunzima, kodwa kudinga ukuba sonke silazi leli qiniso: Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu. Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayisho isiqu; ngaphezu kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele ukuqonda kwabantu. Ingabe ukubonakala kukaJesu ngaphandle akuzange kushayisane nokuqonda kwabantu? Ingabe ukubonakala Kwakhe kwangaphandle nendlela yokugqoka akuzange kuhluleke ukunika abantu izinkomba zokuthi ungubani Yena ngokweqiniso? Ingabe kwakungesona isizathu sokuthi abaFarisi bokuqala bamphikisa uJesu ngenxa yokuthi bebebuka ingaphandle Lakhe, bangawanaka amazwi ayewakhuluma? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu bangakuphindi lokhu okwenzeke emlandweni. Akumele nibe ngabaFarisi besikhathi samanje niphinde nibethele uNkulunkulu esiphambanweni futhi. Kumele niyibhekisise indlela enizokwamukela ngayo uNkulunkulu lapho ebuya, nibe nomqondo ocacile ngokuthi ningaba kanjani ngabantu abathobela iqiniso. Lokhu kungumthwalo wawo wonke umuntu olinde ukubuya kukaJesu ngamafu. Kumele sicikice amehlo ethu kamoya, singabi yizisulu zamazwi angelona iqiniso. Kumele sicabange ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu, futhi sibheke uhlangothi lwangempela lukaNkulunkulu. Ningajabuli kakhulu noma nilibale ukuphupha emini, nibheke usuku uNkulunkulu uJesu azokwehla ngalo ngefu anithathe nina eningakaze nimazi noma nimbone, ningazi nokuthi niyenze kanjani intando Yakhe. Kungcono ukucabanga ngezinto ezizokwenzeka!
kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa inyama embethwe uNkulunkulu uphethe futhi uqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abangoKristu bamanga bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo.
kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. … Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma, njengamanje, kungavela umuntu okwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, futhi ekwazi ukukhipha amadimoni, futhi asindise abagulayo, futhi enze izimpawu eziningi, futhi uma lo muntu ethi ungukubuya kukaJesu, ngabe lokhu kuyinkohliso yemimoya emibi, kanye nokulingisa kwakhe uJesu. Khumbula lokhu! UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela kwenye indlela; uma uNkulunkulu eseqedile isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele ucacelwe yilezi zinto. Kungani umsebenzi kaNkulunkulu namhlanje uhlukile kunomsebenzi kaJesu? Kungani uNkulunkulu engenzi izimpawu nezimangaliso, engakhiphi amadimoni, futhi engasindisi abagulayo? Uma umsebenzi kaJesu wawufana nalowo owenziwa ngeNkathi Yomthetho, wayengammela uNkulunkulu weNkathi Yomusa? Wayengakwazi uJesu ukufeza umsebenzi wokubethelwa? Uma, njengaseNkathini Yomthetho, uJesu wayengene ethempelini futhi wagcina iSabatha, wayengeke ahlushwe unoma ubani futhi wayeyokwamukelwa yibo bonke. Uma lokho kwakunjalo, wayengabethelwa? Wayengawuqedela umsebenzi wokuhlenga? Kwakungaba nalusizo luni ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina enze izimpawu nezimangaliso, njengoJesu? Kungesikhathi kuphela uNkulunkulu enza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe ngezinsuku zokugcina, leyo emele ingxenye yohlelo lwakhe lokuphatha, lapho umuntu engazuza ulwazi olujule kakhulu ngoNkulunkulu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha luyofezeka khona.
kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “ngokwe-.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana