Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula intando kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula intando kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

13.1.20

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

(Luka 24:30-32) Kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

(Luka 24:36-43) Futhi besakhuluma lokho, uJesu wema phakathi kwabo, wathi kubo, Ukuthula makube kini. Kepha bashaywa uvalo futhi besaba, bethi babona isipoki. Waye sethi kubo, Kungani nikhathazeka na? futhi kungani kuvela imicabango ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla nezinyawo zami, ukuthi imina uqobo: ngithinteni, nibone, ngokuba isipoki asinayo inyama namathambo, njengoba ningibona mina nginakho. Futhi lapho esekushilo lokho, wababonisa izandlakane nezinyawo zakhe.

8.1.20

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.

(Jona 3) Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe. Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo lo suku lwaba lunye, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.

31.12.19

Isimo Esilungile soMdali Singokoqobo futhi Sicacil

Isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akuyona Imvelakancane—Ukuphenduka kweqiniso Komuntu kuyimvelakancane

Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wabe ebathukuthelele kangakanani abantu baseNineve, kwathi bangamemezela ukuzila futhi bembatha indwangu yamasaka nomlotha, inhliziyo Yakhe yathamba kancane kancane, futhi waqala ukushintsha inhliziyo Yakhe. Ngesikhathi ememezela kubo ukuthi Wayezowubhubhisa umuzi wabo—umzuzwana ngaphambi kokuvuma nokuphenduka kwabo ezonweni zabo—uNkulunkulu wayesabathukuthelele.

29.12.19

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo.