Unyazi Lwasempumalanga

Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

13.1.20

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

(Luka 24:30-32) Kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

(Luka 24:36-43) Futhi besakhuluma lokho, uJesu wema phakathi kwabo, wathi kubo, Ukuthula makube kini. Kepha bashaywa uvalo futhi besaba, bethi babona isipoki. Waye sethi kubo, Kungani nikhathazeka na? futhi kungani kuvela imicabango ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla nezinyawo zami, ukuthi imina uqobo: ngithinteni, nibone, ngokuba isipoki asinayo inyama namathambo, njengoba ningibona mina nginakho. Futhi lapho esekushilo lokho, wababonisa izandlakane nezinyawo zakhe.

10.1.20

Inani Elaphilwa UJobe Phakathi Nesikhathi Sakhe

UJobe Ngemva Kwezilingo Zakhe

(UJobe 42:7-9) Futhi kwaba kanjalo, ngemva kokuba uJehova eskhulume lawo mazwi kuJobe, ujehova yathi ku-Elifazi umThemani, Intukuthelo yami ibaselwe wena, nabangani bakho ababili: ngokuba anikhulumanga okuhle ngami, njengoba inceku yami uJobe yenzile. Ngalokho thathani manje izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, futhi niye encekwini yami uJobe, futhi nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyonithandazela: ngokuba ngaye ngizovuma: angiyukwenza kini njengobuwula benu, njengoba ningakhulumanga okulungileyo ngami, njengenceku yami uJobe. Ngakho u-Elifazi umThemani noBhilidadi umShuhi noSofari umNahama, futhi benza njengokuyalwa uJehova: uJehova wamamukela noJobe.

8.1.20

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.

(Jona 3) Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe. Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo lo suku lwaba lunye, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.

6.1.20

UNkulunkulu uyakubona ukuPhenduka Kweqiniso Ekujuleni Kwezinhliziyo zabantu baseNineve


UMahluko Omkhulu phakathi Kokuphendula kwabantu baseNineve nabaseSodoma Esixwayisweni sikaNkulunkulu uJehova

Kuchaza ukuthini ukuchithwa? Ngendlela eyayivamile, kuchaza ukuthi ukunyamalala. Kodwa kanjani? Ubani owayengenza umuzi wonke unyamalale? Kungeke kwenzeke ukuba umuntu enze into enjalo, empeleni. Laba bantu babengezona iziwula; bathi bangasizwa lesi simemezelo, baqonda. Bazi ukuthi sasivele kuNkulunkulu; babazi ukuthi uNkulunkulu wabe ezokwenza umsebenzi Wakhe; bazi ukuthi ukukhohlakala kwabo kwase kuvuse ulaka lukaNkulunkulu uJehova futhi kwaletha intukuthelo Yakhe phezu kwabo, ngendlela yokuthi maduzane nje, base bezobhujiswa kanye nomuzi wabo.

4.1.20

Uma uKholo Lwakho Kuye Luyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye


Ukuguquka kukaNkulunkulu ngezinhloso aye nazo ngabantu baseNineve, akuna bungqikangqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa. Lokhu ukwembulwa kwangempela kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu akabi mangqikangqika noma angabaze ezenzweni Zakhe; izimiso kanye nezinhloso ezingemuva kwezenzo Zakhe zicacile futhi zisobala, zimsulwa futhi azinasici, azinamaqhinga noma amacebo ahlangene phakathi. Ngamanye amazwi, ubukhona bukaNkulunkulu abunabumnyama noma ububi.

2.1.20

Ukuba Sejele Ekupheleleni Kobusha

 mkristu,ukuhamba noNkulunkulu

UChenxi, Esifundazweni SaseHebei 

Wonke umuntu uthi ukuphelela kobusha bethu yisikhathi sokuphila esihle nesimsulwa kakhulu. Mhlawumbe kwabaningi, leyo minyaka igcwele izinkumbulo ezimnandi, kodwa lokho engangingakaze ngikulindele kwaba ukuthi ngichithe ubusha bami ejele. Kungenzeka ungibuke ngendlela engavamile ngalokhu, kodwa angizisoli. Ngisho nakuba leso sikhathi sokuvalelwa sasigcwele usizi nezinyembezi, saba yisipho esiyigugu kakhulu ekuphileni kwami, futhi ngafunda okuningi kuso.

31.12.19

Isimo Esilungile soMdali Singokoqobo futhi Sicacil

Isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akuyona Imvelakancane—Ukuphenduka kweqiniso Komuntu kuyimvelakancane

Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wabe ebathukuthelele kangakanani abantu baseNineve, kwathi bangamemezela ukuzila futhi bembatha indwangu yamasaka nomlotha, inhliziyo Yakhe yathamba kancane kancane, futhi waqala ukushintsha inhliziyo Yakhe. Ngesikhathi ememezela kubo ukuthi Wayezowubhubhisa umuzi wabo—umzuzwana ngaphambi kokuvuma nokuphenduka kwabo ezonweni zabo—uNkulunkulu wayesabathukuthelele.

29.12.19

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo.

27.12.19

South African Christian Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 2 (Zulu Subs)



South African Christian Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 2: Ukuthokozela Ukufika KukaNkulunkulu (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

25.12.19

Ukwahlulela Kungukukhanya

UZhao Xia Esifundazweni saseShandong

Igama lami nginguZhao Xia. Ngazalelwa emndenini ojwayelekile. Ngenxa yezisho ezifana nalezi “Umuntu uzenzela igama nomaphi lapho ehlala khona, njengoba nehansi likhala noma phi lapho lindizakhona,” kanye nesithi “Njengoba isihlahla siphilela isiqu saso, umuntu uphilela isithunzi sakhe,” ngalokhu ukuzenzela igama kwaba iyonanto ebalulekile kimi. Konke engangikwenza ngangifuna ukunconywa abantu. Ngemva kokushada, ngangizibekele imigomo ethi: Ngizoceba kakhulu empilweni kunabanye; kumele ngingavumeli muntu asho izinto ezingakhi ngendlela engiphatha ngayo abantu abadala noma ngendlela yokuziphatha nokwenza; futhi ngizoqinisekisa ukuthi ingane yami ifunda enyuvesi edumile ibe namathuba amahle, ukuze ngaziwe kahle.

23.12.19

UMdali uVeza Imizwa Yakhe Yeqiniso ngeSintu

Le ngxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noJona ngaphandle kokungabaza, ingukubonakaliswa kwemizwa yeqiniso yoMdali ngesintu. Ngasengxenye, yazisa abantu ngokuqonda koMdali kwayo yonke imvelo engaphansi komyalo Wakhe; njengoba uNkulunkulu uJehova wathi, “mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; kanye nezinkomo eziningi na?” Ngamanye amazwi, ukuqonda kwaNkulunkulu ngeNineve kwakungakhi phezulu.

21.12.19

Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu

(UGenesise 18:26) Futhi iNKOSI yathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke ngizohawukela yonke le ndawo ngenxa yabo.

(UGenesise 18:29) Waphinda futhi wakhuluma kuye, wathi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amane khona. Wayesethi, angeke ngikwenze.

19.12.19

Inguquko Yomuntu Owileyo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla, mkristu,


UTong Xin Esifundazweni saseFujian

Ngazalelwa ezindaweni ezingaphandle kwasemadolobheni. Ngazalelwa emndenini wabalimi abazithobile futhi phezu kwalokho umndeni wethu wawumbalwa ngokwesibalo, ngakho sasiqinelwa esikhathini esiningi. Ngenkathi ngineminyaka eyi-13, kukhona ingane eyashaywa umuntu othile wangaphandle kwesigodi sethu. Abantu basendaweni banameka ubaba ngecala bathi uyena oqale obasele lokho futhi bathi babezosesha ikhaya lethu bese besimuka impahla yethu, bathathe izingulube zethu baze bashaye nobaba.

17.12.19

Inkohlakalo YeSodoma Okuthukuthelisayo Kumuntu, Okuvusa Ulaka KuNkulunkulu

Okokuqala, ake sibheke izindima eziningi zemiBhalo ezichaza “Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu.”

(UGenesise 19:1-11) Kwase kufika izingelosi ezimbili eSodoma sekuhwalele; uLoti yena wayehleli esangweni laseSodoma: wathi uLoti ezibona wasukuma ukuba azihlangabeze; wayesekhothama emhlabathini ubuso bakhe bubheke phansi; futhi wathi, bhekani manje, makhosi ami, ake nichezuke, ningene endlini yenceku yenu, nichithe ubusuku bonke, futhi nihlanze izinyawo zenu, bese nivuka ekuseni, nihambe izindlela zenu.

15.12.19

South African Christian Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 1 (Zulu Subs)



South African Christian Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 1 (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?