Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe

16.11.18

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Umthandazo

Ukuze unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu futhi uhlazise udrako omkhulu obomvu kumele ube nesimiso, kanye nomgomo: Enhliziyweni yakho kumele uthande uNkulunkulu, futhi ungene emazwini kaNkulunkulu.

4.10.18

Isimilo Senu Sibi Kakhulu!

Nonke nihlezi ezihlalweni zikanokusho, nifundisa labo bezizukulwane ezisencane ukuthi obani abawuhlobo lwenu, nibahlalise nani. Kwenzeka kanjani ukuba ningazi ukuthi lezo "zingane" zenu zase zivele zingasaphefumuli, nokuthi zazingenawo umsebenzi Wami kusukela kudala? 

2.10.18

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

 ivangeli,umusa kaNkulunkulu

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami?

27.9.18

Abantu Abakhethiwe eShayina Abakwazi Ukumela Noma Yisiphi Isizwe sakwa-Israyeli

Indlu kaDavide yathola isethembiso sikaJehova, futhi yayingumndeni owathola ifa likaJehova. Kwasekuqaleni yayingesinye sezizwe zakwa-Israyeli futhi kwakungesabantu ababekhethiwe. Ngaleso sikhathi, uJehova washaya umthetho kubantu bakwa-Israyeli othi bonke abantu abangamaJuda bendlu kaDavide, bonke labo ababezalwe kuleyo ndlu bayothola ifa Lakhe.

Ubunjalo Bomuntu Bemvelo Nokufaneleka Kwakhe: Kuyini?

Nahlukaniswa nodaka futhi nakunoma yisiphi isilinganiso, nakhethwa enhleseni, ningcolile futhi nizondwa uNkulunkulu. Nina beningabakaSathane futhi naninyatheliwe ningcoliswe yikho. Ingakho kuthiwa nahlukaniswa nodaka, futhi aningcwele, kodwa kunalokho niyizinto ezingebona abantu lokho okwadala ukuba uSathane anenze iziwula. 

26.9.18

Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu

IBandla likaNkulunkulu uSomandla,Iqiniso

UNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe enze nomsebenzi Wakhe ngokwezinkathi ezehlukene, nasezinkathini ezehlukene, ukhuluma amazwi ehlukene. UNkulunkulu akathobeli mithetho, noma aphinde umsebenzi ofanayo, noma abe nenkumbulo yezinto zesikhathi esedlule; unguNkulunkulu ohlala emusha njalo akabi mdala, futhi nsuku zonke ukhuluma amazwi amasha. Kumele uthobele konke okumele kuthotshelwe namuhla; lona ngumthwalo nomsebenzi womuntu.

25.9.18

UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

   Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. 

Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?

UNkulunkulu USomandla,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Mhlawumbe uhambo lwenu lokholo kuNkulunkulu seluthathe unyaka owodwa noma emibili, futhi ekuphileni kwakho kule minyaka ubulokhu ubekezelela ubunzima obukhulu; noma mhlawumbe awukaze ubhekane nobunzima, kunalokho ubulokhu wamukela umusa. Kungenzeka nokuthi awukaze udlule ebunzimeni noma uboniswe umusa, kodwa esikhundleni salokho bewuphila impilo evamile.

Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu

Unyazi Lwasempumalanga,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla
Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwabantu, namazwi engiwakhulume ngalesi sikhathi maningi. La mazwi angenxa yensindiso yomuntu, kanti akhulunywa ukuze umuntu afanelane Nami. Noma ngizuze abantu abambalwa emhlabeni abafanelana Nami, ngakho ngiyasho ngithi umuntu akawenzi igugu amazwi Ami, ngoba umuntu akafanelani Nami. 

24.9.18

Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu

umsebenzi kaNkulunkulu,ukukholwa kuNkulunkulu,IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Phakathi komsebenzi owenziwa umuntu ungakanani umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi umuntu unolwazi olungakanani? Ngisho kumanje, kungathiwa abantu abakayiqondi le mibuzo, imbangela ukuthi abantu abayiqondi imiyalo uMoya oNgcwele osebenza ngayo. Umsebenzi womuntu engikhuluma ngawo, empeleni, kushiwo umsebenzi walabo abanoMoya oNgcwele noma labo abasetshenziswa uMoya oNgcwele.

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

Nkosi Jesu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,uKristu

UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile.

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

umsebenzi kaNkulunkulu,ukuhamba noNkulunkulu


Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso.

23.9.18

Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama

Unyazi Lwasempumalanga,  Izikhathi zokugcina,Iqiniso

     UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. 

22.9.18

Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu ungehlukaniswe nomuntu uqobo, ngoba umuntu uyinjongo yomsebenzi Wakhe, futhi nguye kuphela isidalwa esenziwe uNkulunkulu esingafakaza kuNkulunkulu. Impilo yomuntu kanye nayo yonke imisebenzi yomuntu akunakwehlukaniswa noNkulunkulu, futhi konke kulawulwa izandla zikaNkulunkulu, futhi kungaze kuthiwe akekho umuntu ophila engancikanga kuNkulunkulu. Akekho umuntu ongakuphika lokhu, ngoba kuyiqiniso. 

18.9.18

Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni

Ngininike izexwayiso eziningi futhi ngabeka amaqiniso amaningi phezu kwenu ukuze ngininqobe. Namhlanje nizizwa nicebe kakhulu kunangesikhathi esidlule, niqonda izimiso eziningi ezimayelana nendlela umuntu okufanele abe yiyo, futhi abe nokuhluzeka okuningi engqondweni abantu abathembekile okufanele babe nakho. 

17.9.18

Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu



Ziningi izinto enginethemba lokuthi nizozizuza. Nokho, izenzo zenu kanye nezimpilo zenu akuhlangabezani ngokuphelele nezidingo Zami, ngakho-ke kufanele ngiqonde ephuzwini nginichazele intando Yami. Ngenxa yokuthi ukuqonda kwenu kuphansi nokwazisa kwenu nakho kuphansi, cishe anisazi nhlobo isimo Sami kanye nobunjalo Bami, kuyinto ephuthumayo ukuthi nginazise ngalokhu. Kungakhathaleki ukuthi nina ubukuqonda kangakanani lokhu ngaphambilini noma ukuthi uzimisele ukuzama ukuqonda lezi zinto, kusamele nginichazele ngazo kabanzi.

15.9.18

Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwenu futhi, ngempela, futhi ngakhuluma amazwi amaningi. Kepha ngizwa ukuthi amazwi nomsebenzi Wami awukayifezi ngokuphelele injongo yomsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngokuba, ngezinsuku zokugcina, umsebenzi Wami awungenxa yomuntu noma abantu abathile, kodwa owokuveza isimo Sami semvelo.

Ingabe Wethembeke Kubani?

 mkristu

Usuku ngalunye eniluphilayo nenidlula kulo njengamanje lubucayi futhi lubaluleke kakhulu esiphethweni senu kanye nasekusaseni lenu, ngakho kumele nikwazise konke eninakho ngawo wonke umzuzu odlulayo. Kumele nisisebenzise kahle isikhathi senu ukuze nizinike inzuzo enkulu, ukuze ningayiphileli ize le mpilo. Mhlawumbe nizizwa ninokudideka ukuthi kungani ngikhuluma lamazwi.

14.9.18

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

  Izikhathi zokugcina uKristu,Amazwi kaNkulunkulu

Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye. Lena indlela yomuntu.

12.9.18

Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo

  Izikhathi zokugcina, insindiso

      Baningi engiye ngabafuna emhlabeni ukuze babe abalandeli Bami. Phakathi kwabo bonke laba balandeli, kunalabo abangabapristi, labo abaholayo, labo abangamadodana, labo abayingxenye yabantu, kanye nalabo abenza umsebenzi.